Monday, 8 October 2012

I-ANC ISAHLULEKA UKUGUBHA UMLANDO WETHU SONKE 


Nhlanhla Mtaka

Unyaka ka-2012 uqale ngesasasa elikhulu, hhayi nje kuphela enhlanganweni i-African National Congress (ANC) kepha nakithi njengomphakathi waseNingizimu Afrika, ikakhulukazi labo ababecindezelwe. Kuqale ngokuthi le nhlangano nonyaka eneminyaka elikhulu yaba khona nendala kunazo zonke e-Afrika kulezo ezazilwela inkululeko ibe nendumezulu yomgubho mhla ka-8 kuMasingana eBloemfontein.

Ngenxa yokubaluleka komlando kaKhongolose kuleli nasemazweni omhlaba lo mgubho wasakazwa kuwo wonke amaziko ezindaba sonke sabona umhlabahloso. Sonke sakuthakasela ukuthi lo nyaka ngeke ugcine nje ngokubungaza i-ANC kepha uyobuka nhlangothi zonke iqhaza labantu phaqa ekulweleni inkululeko. Iningi labantu layamukela le migubho ngoba lithemba ukuthi nxa seyenziwa kuzoqhakambiswa umlando wethu sonke, ngoba phela sonke salwa emikhakheni eyahlukahlukene. 

Nembala sizizwile izinkulumo lapho uMengameli wale nhlangono uJacob Zuma ethula izifundo ngomengameli abanye abake bayibamba kule nhlangano. Angisho ngiselapho ukuthi umuntu udumele ngokwenziwe nguKhongolose kulezi zifundo. Esikhundleni sokuthi njengoba athembisa aqhakambise iqhaza lawo wonke umuntu owayibamba - okuyizinhlangano kanye nabantu nje phaqa - sizwe nje kutuswa abaholi bale nhlangano. Angazi noma-ke yimi engingaqapheli kepha kulezi zifundo angikezwa nje ngamakhosi afana noMamongwa woSuthu, uDinizulu kaCetshwayo namanye amakhosi namafelankosi ayibamba ishisa. Angikezwa kutuswa abantu ababesezinyunaneni, angikezwa ngeqhaza le-Pan Africanist Congress (PAC), Azanian People’s Organisation (AZAPO), United Democratic Front (UDF) kanye neleNkatha yeNkululeko yesizwe. Asikezwa ngegalelo labantu abafana no-KE Masinga, oSobaba uZulu owaba nguMbhishobhi wokuqala omnyama - nali ibandla lakhe lapha eSt Faith’s Angilcan Church enkabeni yeTheku. Asizwa ngoMsizi Dube we“Asinamali” lapha eLamontville, baphi o-Archie Gumede be-UDF? Baphi abangakini nawe obaziyo abalwa, baboshwa badingiswa abanye bafa? Usuzwile nje ngabo? 

Ngiyazi abanye bazothi qha angingaxhamazeli ngoba isikhathi sisekhona, kepha iqiniso elimsulwa lithi kasisekho kulo nyaka. Umbono wami uthi uKhongolose kusuka kuleli sonto uyobe unake izindaba zawo zokukhethana eMangaung hhayi lokhu komlando. Uma kukhona okuzokwenziwa kuyobe nje sekuthelwe amanzi umongo ungekho, okuyobe kuqhakambiswa nje yizikhulumi kuleyo mcimbi eyoba khona yimibono yezinhlangothi ezilwayo kuKhongolose.  Kepha lokhu kusho ukuthini kithi njengezakhamuzi nabanikazi bomlando? Ngaphandle kokuthi sizolahlekelwa wumsoco womlando ebesingawuthola ukuba uKhongolose wenze kahle, iqiniso lithi isithombe esikhona nesizoba khona yileso esiveza okungaphelele ngathi kanye nomlando wethu. Kuzoqhubeka ukucabanga ukuthi umzabalazo wethu uqale ngo-1912 nokuthi wuhlangothi noma yisizukulwane esithize kuphela esazabalaza. Lo monakalo uyobulala izingane zethu kanye nezizukulwane futhi okubuhlungu yikuthi leli phutha lenziwa yinhlangano elwaziyo usizi lokuhlanekezelwa komlando. 

Umbuzo-ke uthi sikhona yini isixazululo, kukhona yini esingakwenza? Owami umbono uthi yebo sikhona isixazululo nokuthi kukhona esingakwenza. Ngiyakholwa futhi ukuthi konke kulele kubantu hhayi ku-ANC noma kuhulumeni kepha kimi nawe. Njengabantu abangabanikazi bomlando, ezikoleni, ematekisini emabandleni asiqale ukuziqoqela umlando wezindawo zethu. Lokhu singakwenzi ngoba sigubha okuthize kepha sikwenze ngenhloso yokufundisana nokufunisana umlando wethu sonke. Cabanga nje uma kungase isikole nesikole sithume ingane ukuba iyoqoqa umlando wakubo kogogo nomkhulu noma kubazali bayo okanye abafowabo nodadewabo? Uma lokho kungenzeka ngesonto nje ungabe usunezincwadi ezingaki zomlando obungawazi njengesikole nesizwe? Lokho singakwenza futhi kwenzeke.

Ukuqinisekisa ukuthi izingane ziyakwenza izikole kumele lokhu zikwenze njengento enganika umfundi amaphuzu emsebenzini wakhe wesikole, ngaleyo ndlela umsebenzi lo uyoba yingxenye yezivivinyo, okusho ukuthi empeleni ayikho imali okumele isikole noma abantu bayikhiphe. Konke lokhu siyobe sikwenzela ukuthi abalandelayo bazuze ngoba ngisamile kwelokuthi uKhongolose ubhekene nezawo izibi ngakho ngeke usilekelele kakhulu kulokhu okumqoka kangaka kithi sonke. 

No comments:

Post a Comment