Monday 8 October 2012

YINI EHLANGANISA IPOLITIKI, OSOPOLITIKI NABANTU ABAHLUPHEKAYO?

Nhlanhla Mtaka

Ngihlale ngisho kulabo abafisa ukungilalela ukuthi umdlalo wepolitiki ngumdlalo wabantu abanesibindi. Lolu hlobo lwabantu luyakwazi ukuthembisa into elazi kahle kamhlophe ukuthi ngeke liyifeze noma ngabe banikwa iminyaka eyikhulu esikhundleni.

Isibonelo nje, kosopolitiki umuntu uke athembise abantu imisebenzi azi kamhlophe ukuthi lowo akuwona umsebenzi wakhe kepha ngowabanye abantu. Futhi lolu hlobo lwabantu luyakwazi ngaphandle kokucwayiza namahloni ukuphika into liyazi. Isibonelo epolitikini umuntu uyakwazi ukuma afakaze ukuthi iqembu akulo alinazinkinga kepha umhlaba wonke ubona ukuthi konakele.

Osopolitiki laba abanqeni ukuthi engazithandi izingane kepha nxa kunento ayifunayo uyoba umngani wodado ena wabona ungoti ekunakekelweni kwazo. Uboke unake ngesikhathi sokhetho osopolitiki sebequkula izingane zilenga amafinyila zinjalo ngoba nje befisa ukuba abantu bababone njengabantu abazithandayo izingane. Isimangaliso omunye aze avolontiye ukuyolala emigwaqeni noma emjondolo ngoba efisa ukuba izwe limazi njengomuntu ozwelana nabantu abathize. Okubenza bacoshe izindondo zokuba abazenzisi kuba yilapho ubona omunye kosopolitiki akhale emngcwabeni womuntu angamazi ngoba nje esenzela umabonakude. Ngethemba lokhu akukumangazi ngoba phela ngishilo ukuthi ipolitiki le ngumdlalo wabantu abanesibindi. Kepha namuhla angizogxila kulokho.

Namuhla ngifisa ukubuka into abantu abaningi abangayiqapheli (umbono wami) uma bekhuluma noma bebuka ipolitiki. Lapha ngikhuluma “ngobudlelwano” phakathi kwepolitiki, osopolitiki kanye nabantu abahluphekayo. Lokhu ngikwenza ngoba nginenkolelo yokuthi eqinisweni abantu abahluphekayo ngeke nje baphele emhlabeni, hhayi ngoba lokho kungegwemeke kepha ngoba uma bengase baphele ipolitiki noma osopolitiki ngeke kubahambele kahle. Yebo ungizwe kahle, ngithi abantu laba abahluphekayo ngeke baphele ngenxa yepolitiki nosopolitiki – ipolitiki ikhona nje yingoba kukhona abantu abaswele. Singasho nje ukuthi abantu abahluphekayo bayisithako esimqoka epolitikini. Phela yibo laba abahluphekayo abenza amaqembu athize asungulwe, amanye nje amaqembu imigomo yawo ithi wona acheme nabahluphekayo esisazoke ngelinye ilanga sibuke ukuthi konje ikhona yini into enjalo. Kwezinye izindawo uzwe sekuthiwa kuneqembu elilwela abahluphekayo. Qaphela-ke, lapha akuvamile ukuthi ohluphekayo amele abahluphekayo kepha kuba ngumuntu ongenankinga omela abanenkinga. Ngamafuphi ngithi isimo somuntu ohluphekayo siyakwazi ukuveza amathuba omsebenzi kusopolitiki noma eqenjini elithize ngoba iqembu liyakwazi ukuthumela umuntu ephalamende ozofike ahole nalo lihlomule kepha ohluphekayo yena ebe eqhubeka ehlupheka. 

Ngendlela abantu abahluphekayo abathandwa ngayo lapha epolitikini baze babe namagama abo esilungu okuthi nxa kubizwe wona wazi ukuthi kukhulunywa ngobani-ke namuhla. Adume kakhulu nje yilawa afana no our people (abantu bakithi), leli gama alishiwo kwabadla izambane likapondo ngoba labo kabalawulwa muntu, phela umuntu uma usuthe ngowakho kwapolitiki usuke usuzinika amandla okumthathela izinqumo into okungelula ukuyenza kubantu abacebile yikho nje bona kungathiwa bango-our people.

Elinye igama lekhethelo okubizwa ngalo abahluphekayo ileli lika “poorest of the poor” (abahlwempu kakhulu. Uma ulalela nje uyezwa lapha ukuthi sekudlalwa ngamagama ngoba phela sekuhlukaniswa izigaba abahluphekayo, sekukhona abahluphekayo nabahlupheka ngokweqile kepha kushiwo okukodwaUma ungahlupheki ungabi namona ngoba nawe likhona elakho igama obizwa ngalo umahluko yikuthi elakho lihloniphekile lithi uyi-citizen, okuyinto ehloniphekile kunalawa amanye amagama esengiwabalulule.

Isiphetho nje esingafika kuso yikuthi abantu abahluphekayo kabayi ndawo nokuthi uma ngase baphele abantu abahluphekayo lapha kwelakithi nasemhlabeni akhona amaqembu kanye nabantu abayolahlekelwa yiphalishi. Lokhu kufana nje neqiniso lokuthi njengoba umhlaba wonke jikelele ucwaninga futhi ukhuleka ukuthi ikhambi lengculazi litholakale, kukhona uma kungase ucilo uzishaye endukwini litholakale ikhambi badumale ngobani? Ngoba uma ikhambi litholakala kusho ukuphela kwemisebenzi kubo.

Ngalezizizathu ezingenhla ngithi asikwamukele, yize kubuhlungu kunjalo, ukuthi laba bantu abahluphekayo obabonayo ngakini noma ezweni lethu kunokuthi banciphe basazokhuphuka kodwa ngeke osopolitiki bakuvume lokho ngoba njengoba ngishilo lona ngumdlalo wabantu abanesibindi.

1 comment:

  1. I have being on blog Sites for a while now and today I felt like I should share my story because I was a victim too. I had HIV for 6 years and i never thought I would ever get a cure I had and this made it impossible for me to get married to the man I was supposed to get married to even after 2 years of relationship he broke up with me when he finds out I was HIV positive. So I got to know about Dr. Itua on Blog Site who treated someone and the person shared a story of how she got a cured and let her contact details, I contacted Dr. Itua and he actually confirmed it and I decided to give a try too and use his herbal medicine that was how my burden ended completely. My son will be 2 soon and I am grateful to God and thankful to his medicine too.Dr Itua Can As Well Cure The Following Disease…Alzheimer’s disease,Bechet’s disease,Crohn’s disease
    ,Cushing’s disease,Heart failure,Multiple Sclerosis,Hypertension,Colo_Rectal Cancer,Lyme Disease,Blood Cancer,Brain Cancer,Breast Cancer,Lung Cancer,Kidney Cancer, HIV, Herpes,Hepatitis B, Liver Inflammatory,Diabetes,Fibroid, Get Your Ex Back, If you have (A just reach him on drituaherbalcenter@gmail.com / info@drituaherbalcenter.com Or Whatsapp Number.+2348149277967)He can also advise you on how to handle some marital's issues. He's a good man.

    ReplyDelete